IBafana ibambene ne Ghana
Iqembu lesizwe iBafana Bafana idlale ngokulingana nelase Ghana nalapho bembane ngo 1-1 emdlalweni wobuhle obusenkundleni iRoyak Bafokeng eRusternburg ngesonto mhlaka 15 Januwari.
Lamagoli omabili angene esiwombeni sokuqala kanti omabili lamagoli angene emva ngokulwa okukhulu okwenziwe ilamaqembu nalapho okubonakale khona ukuthi ukudlalisa abadlali abasebancane nabangenadumela befakwa umqeqeshi weBafana Bafana uPisto Mosimane kusizile kakhulu. Labadlali benze konke okusemandleni ukumelana neleqembu ebelivakashile nelibonakala kuyilona elizodlala umlingiswano emncintiswaneni we African Nations Cup.
“Sibenomdlalo omuhle kakhulu nalapho sikwazi ukufaka bonke abadlali abangu 23 abaseqenjini,” kusho umsizi ka mqeqeshi weGhana uJames Appiah.
Iqembu leBafana likwazi ukumelana neGhana ngejubane kodwa lahluleka emandleni njengoba iBlack Stars bekuyona ebambe ibhola isikhathi esiningi.
“Ngokwethu sithole konke ebesikudinga kulomdlalo njengamasu omdlalo, ukuhlasela nokuvimba,” kunaba u-Appiah.
IGhana kubonakale engathi ibisifake igoli lokuwina esiwombeni sesibili sekusele umzuzu owodwa kuphele umdlalo, liphikiwe igoli unompempe lahluleka kanjalo ke iqembu elivela maphakathi ne Afrika ukuhlula elakhithi nebelinabadlali abangasebasha.
Umosimane uzokujabulela kakhulu ukuphuma kulomdlalo engahlulwanga njengoba ebedlalisa iqembu elingenamandla kulomdlalo nalomdlalo odlule neZambia.
“Sesidlale imidlalo emithathu yobungani ne Equatorial Guinea, Zambia manje ne Ghana futhi ngicabanga ukuthi sikutholile ebesikade sikufuna,” kusho uMosimane.
“Size lana ukuzolwa impi kanti emidlalweni emithathu esiyidlalile akaze sidicilele igama lesizwe sethu iNingizimu Afrika.”
Ekuqaleni komdlalo iBafana Bafana ifake igoli lokuqala lomdlalo nelifakwe uThami Sangweni ngomzuzu wesikhombisa. Ukuzama kuka Sangweni nofake igoli ekude nepali kuhlule unozinti we Ghana u-Adam Kwarasek. Ukudidizela kuka Kwarasek epalini nokugxumela kwakhe ibhola kube yize njengoba igoli lishaye ngemuva kwenethi.
Akuphelanga ngisho imzuzu emingaki iGhana nayo yafaka elayo nelifakwe uSulley Muntari unozinti weBafana Bafana uBrilliant Khuzwayo enganakile.
Kuyiwa ekhefini nje bekucaca ukuthi iGhana izimisele ngokuwina nokuholele ukuthi uMosimane afake umgadli uLehlohonolo Majoro esiwombeni sesibili ukuze elakuleli liwine yize kungasizanga ngoba umdlalo uphele ngawo u 1-1.