January 20
Ukushona kowesimame waseGoli esame kulayini wokuyobhalisa ingane yakhe esikhungweni semfundo ephakeme I-University of Johannesburg ngesonto eledlule ikhona okungigqugquzele ukuthi ngibhale ngalokhu.
Lowesimame washona esiminyaminyeni emva kokuthi abazali nabafundi ababezofuna isikhala sokufunda bengena bonke ngesikhathi esisodwa behlulwa ukuma ulayini.
Lesisehlakalo singenze ngacabanga ngezinto eziningi esizenzayo thina bantu abamnyama nezingavamile ukwenziwa ezinye izizwe. Ngizokhuluma ngathi thina abakaMthaniya ngoba angisiye umlungu.
Into yokuqala esiyenzayo ukuhluleka ukugcina isikhathi. Angazi sidalwe kanjani, futhi nami angizihlanguli kulokhu kodwa asikwazi ukugcina isikhathi. Ukube bonke lababantu ababegcwele e-University of Johannesburg bafaka izicelo kusanesikhathi ngabe akukho mphefumulo owalahleka futhi ngabe akulimalanga Muntu njengoba kwenzeka. Angikhathali kungathiwani kodwa kuyasihlula ukugcina isikhathi. Asinqeni nje ukuphendula imizuzu emihlanu ibe ihora noma amabili. Ngike ngibone ngami. Ekuseni ngibeka I-alarm lika 5H30 am njalo ekuseni kodwa angikhumbuli nangelodwa Ilanga ngivuka ngalesosikhathi. Ngizivukela ngo 6H30 noma ngo 7H00.
Naze ezinye izinto esizenzayo thina bantu abansundu:
Siyahluleka ukuphilisana: Angisho ukuthi abelungu nezinye izizwe abazondani bebodwa kodwa bayakwazi ukubekezelana. Angazi sekukangaki ngihlangabezana nabasebenzi abamnyama abangakwazi ukusiza abanye abantu abamnyama ngesineke nangokumamatheka noma kuthiwa kusebhange, endaweni yokudlela noma esitolo sezingubo. Izisebenzi eziningi zazi ukuthi umlungu oyinkosi kanti umuntu omnyama onjengami kumele azisize yena. Usuyolindiswa ke wena ngoba nakhu umnyama lapho noma ususizwa akundelelo ukufa.
Ukucwasana ngokwezinga lempilo nangezindawo: Kunehlaya elithandwa intsha eningi elithi umehluko phakathi kwengane yasemakhaya idlaliswa ngedumbe noma ngobhatata base kuthi eyasedolobheni noma elokishini idlaliswe nge Danone. Yize lokhu kuyihlaya nje kodwa kuwukucwasana ayi ngokwezinga lempilo kuphela kodwa nangezindawo. Abantu abamnyama base Thekwini bazi ukuthi uma uvela KwaDukuza wazi ukudla umoba nje kuphela, uma uvela koMpangeni, Lundi no Melmoth shuthi awazi lutho ngempela. Futhi abekho abantu ababukelana phansi njengathi bantu abamnyama – sinaka izinto ezingabalulekile njengokuthi omunye ugqokeni, ukuthengethephi, kubiza malini njl. Namhlanje kunabantu abangene shiqi ezikweleteni ngenxa yezimpahla zokugqoka nefenisha ngoba bebalekela ukubukelwa phansi ngozakwabo.
Ukungabahloniphi abantu besimame: Ngiyazi ngikhulumela abantu abesimame abaningi uma ngithi iningi labantu besilisa bakithi abamazi umuntu wesimame uyini ikakhulukazi uma kusakhulwa. Buka lesimo : uhamba ngezinyawo emgwaqeni mhlampe uziyela esitolo noma emakethe yangakini udlule esixukwini sabafana bezihlalele nje ekhoneni (njengenhlalayenza). Akubize oyedwa, lapho zimbili izinto ezingenzeka. 1. Ungavuma uye kuye noma ume eze kuwe asho akushoyo. 2. Ungami uqhubeke nokuhamba kodwa inhlamba ezolandela lapho nami ngiyayisaba. Noma usuvumile ukukhuluma naye kubili okungenzeka. 1. Inkulumo yenu ihambe kahle nizwane nje. 2 Ungahimbasani nenkulumo yakhe uthi uyahamba akubambe ngenkani noma akunaphaze ngenhlamba. Khona nomunye umkhuba wabantu abamnyama wokubiza umuntu ongakaze wambona ngisho emaphuseni ngo baby, love, sweetheart njl. Abaningi abakuboni okuyiphutha lapho kodwa kumina futhi nakubanye abantu besifazane asikuboni nje ngokuhambelana phambili kodwa kukungangihloniphi mina njengomuntu wesifazane kanye nalowo onelungelo lokungibiza ngalawo amagama amnandi uma kuwukuthi ukhona.
Sicela usibhalele namhlanje
Njengomfundi we Ilembe Eyethu siyathemba kukhona imicabango onayo ngaleliphephandaba. Khumbula phela ukuthi akusilo elethu thina bantu abalenzayo kodwa elakho nawe.
Ngakho-ke sicela usibhalele usazise ukuthi ucabangani ngalengosi nangephephandaba lonkana. Ungasithumela e-mail eyethu@northcoastcourier.co.za , fax 032-9462430, usifonele 032-9460276 noma usithumelele incwadi ngeposi P.O.Box 694 Ballito 4420.