Masiqaphele amakolishi angekho semthethweni

UNgqongqoshe wamaphoyisa uNathi Mthethwa usehlele umkhankaso kazwelonke wokuqeda amakolishi mbumbulu ahamba nemali yabantu.

UMthethwa usenxenxe wonke Amakolishi angekho ohlwini lomnyango wezeMfundo ukuba enze isiqiniseko sokuthi alungisa amaphepha awo ngaphambi kokuba loluhlelo luqale.

UNgqongqoshe uphinde waxwayisa abazali kanye nabafundi ukuba bangajahi ukukhipha imali kodwa benze isiqiniseko sokuthintana noMnyango wezeMfundo kuqala noma i SA Qualifications Authority ngaphambi kokubhalisa. “ Siyazi ukuthi lamakolishi anda kakhulu ngalesisikhathi, ethembisa abafundi imfundo kodwa abakhuthuze kodwa sizimisele ngokubuqeda nya lobubugebengu.

Kanti oyotholakala enecala uzobhekana neminyaka eyi 10 ejele noma ahlawuliswe isamba semali engango R250 000.

Njengoba izwe libhekene nengwadla yokuphela kwezikhala zabafundi emanyuvesi alapha eSouth Africa angu 23 bazophoqeleka ukuba bayofuna izikhala emakolishi azimele.

Lesi isikhathi sokuthi abafundi baqaphe ngeso lokhozi njengoba amanye alamakolishi mbumbulu engabhalisiwe noMnyango wezeMfundo eyiqhinga lokwenza imali ebese eyavala.

UNgqongqoshe wemfundo ephakeme uMnu Blade Nzimande naye ukhiphe isitatimende esinxuse abafundi abaphothule umatikuletsheni wabo ngonyaka odlule ukuba bawaqaphele lamakolishi mbumbulu. “NjengoMnyango sifisa ukuxwayisa abafundi ukuthi babe nesiqiniseko ngaphambi kokukhona imali babhalise emkolishi azimele. Kufanele umuntu aqale abheke ukuthi ngabe lekolishi abhalisa kulona likhona yini ohlwini loMnyango. Lokhu kuzogwema izehlakalo zokukhuthuzwa imali amakolishi angekho emthethweni.” Ubafundi bayanxuswa ukuba bashayele lenombolo uma befuna ukwenza isiqiniseko sokuthi ikolishi libhalisiwe 0800872222

Published on January 20, 2012 at 8:12 am




ePaper

Click here to read the printed edition of the North Coast Courier or here to read the Fast Finder.