Osomabhizinisi babeka imfundo phambili

Osomabhizinisi baKwaDukuza sebephinde bahlanganyela futhi ukuze bathuthukise imfundo kulendawo.

UNjabulo Buthlelezi nongumnikazi we Oromex Meats eShakaville nabangani bakhe base Diaries Events sebeqale uhlelo lokukoleka izikhwama zokuphatha izincwadi zesikole ukuze basize izingane lezi eziphuma emakhaya angamile kahle.

Ngokusho kuka Buthelezi, impumelelo yohlelo ababanalo ngonyaka odlule nalapho babekoleka khona umfuniswano wesikole behlanganyele no DJ Bongz ikhona okwenze ukuthi nakhethe ukwenza lokhu.

“Maningi amabhizinisi asekoleka umfaniswano, amanye akoleka izicathulo ngakho sike sabheka ukuthi yini enye thina esingayenza engasiza intsha,” kusho uButhelezi.

Losomabhizinisi nonguthisha ngokomsebenzi uthi ayikho into ebuhlungu edlula ukubona ingane iphethe ikusasa layo ngoplastiki.

“Izincwadi zakho zesikole ziyiyikusasa lakho. Usuke uziphethe wena uqobo uma uphethe zona ngakho-ke sibona kubalulekile ukuthi nazo lezinganeeziphuma emakhaya aswele zizizwe zibalulekile futhi zibone ukuthi ikusasa lazo akumele lize lifane nemanje lazo nokuthi lingabangcono inqobo nje uma zizmisela,” enaba.

Loluhlelo nolubizwa nge Oromex School BackPach Charity Drive seloqalile kanti wamukelwa zonke izinhlobo zezikhwama ezintsha nezindala.

“Kunabazali abathenga izikhwama unyaka nonyaka benganaki ukuthi lesi esidala sona sesinjani. Ingakho futhi sikhethe ukuthi ngeke sibonge lutho sizothatha kwasani. Uma isikhwama sisesihle noma kuthiwa sathengwa eminyakeni emihlanu edlule sizosithatha nezintsha futhi nazo angeke sizinqabe.

“Sifuna ukubuyisela lezingane ezihluphekayo isithunzi, sifuna zikwazi ukuqhudelana nezingane okudliwa izimbane likapondo emakubo. Siphila ezikhathi ezimbi lapho izingane zethu zichwensana ngokuthi omunye uyahlupheka kubo nezinto ezinjalo,” kusho uButhelezi.

Ukuze usize vakashela ikhasi lalohlelo ku Facebook ucinge i-Oromex School BackBack Chairty Drive 2012 noma uthintane no Njabulo Buthelezi ku 083-9556037.

Published on January 20, 2012 at 8:13 am




ePaper

Click here to read the printed edition of the North Coast Courier or here to read the Fast Finder.