Sibonga usizo lomphakathi

Okokuqala ngithanda ukubonga wonke umuntu ohlanganyele kanye nathi ekusizeni umndeni wakwa Ngcobo eNkobongo (Siza umndeni oswele ngaloKhisimuzi, Ikhasi 2, Disemba 23, Eyethu) .

Ngizizwa ngijabule kakhulu ngomusa nobubele eningini labantu.

Ngibonga kakhulu uSuralda wakwa Hops, uLorraine wase Ballito Florist, uJohnny Pechey kanye nethimba lakhe bakwa Remax kanye no Jicesh wakwa Primi Piatti.

Lomphakathi ukhombise ukuzimisela ekululeni isandla kulabo abaswele.

Ngiyehluleka ukunibonga ngokwanele. Nibusise lommdeni ngezindlela eziningi!

Ngaphandle kokudla nogesi nokuyizidingo ezizoqhubeka lomndeni udinga izinto eziningi. Indodana endala nokuyiyona ehlalelwe umsebenzi wokuganda unina owashaywa uhlangothi , uNkosingiphile, udinga umsebenzi. Ngeshwa akanalo uqeqesho ngokomsebenzi kodwa uzimisele ukuqeqeshwa enze noma ngabe uluphi uhlobo lomsebenzi.

Ngeshwa lomndeni onezilwane eziningi ozinakekelayo nokubalwa kuzo izinja namakati kodwa ngebhadiizinja azakathenwa kodwa khona osenikele ngokuzikhokhela kodwa kudingakala imoto eseduze ezokwazi ukuziyisa kudokotela wezinja aphinde azibuyise.

Uma kukhona onezindishi zokudlela izilwane zasekhaya, singazijabulela kakhulu.

Ngiyacela nishiye iminikelo yenu (kungabi imali) ku Lorraine eBallito Florist neyakhelene ne Foodlovers Markets.

Ongathanda ukusiza angaxhumana nami ku 0827692675 noma athumele umlayezo lornamarydaniels@gmail.com.

Lorna Daniles

eBallito.

Impendulo yomhleli:

Njengephephandaba lomphakathi siyajabula ukuzwa ukuthi abantu bomkhandlu wethu weLembe basizana kangaka.

Kube intokozo kumina ukwazi ukuthi ukuvela kwaloludaba lakwaNgcobo ephephandabeni lethu i-Eyethu kanye nephephandaba elingudadewethu iNorth Coast Courier kuwusizile lomndeni.

Qhubekani nime njalo, isizwe sethu sidinga abantu abanjengani.

Published on January 20, 2012 at 8:14 am




ePaper

Click here to read the printed edition of the North Coast Courier or here to read the Fast Finder.