Tigers itshengisile kungani iphezulu kwelogi
Liyivule kahle isizini iqembu lebhola leligi yaKwaDukuza iTigers Football Club njengoba bekusathathwe ikhefu lamaholidi kaKhisimuzi.
Leliqembu neliphezulu kwelogi ye KwaDukuza Local Football Association lihlule iJunior Tigers ngo 2-1 ngoMgqibelo, mhlaka 14 Januwari enkundleni yezokungcebeleka.
Yize kunjalo umqeqeshi wayo u Themba Mbatha akajabule neze ngendlela abadlali abadlale ngayo.
“Maningi kabi amathuba esiwamoshile. Yabona nje ngaphambi kwaleligoli lokuqala bekungangena amagoli ayisikhombisa,” kusho uMbatha.
Igoli lokuqala lomdlalo nokube ele Tigers lingene esiwombeni sokuqala lifakwa uVusi Mbonambi. Akuphelanga mzuzu emingaki yabe isilithele phakathi iJunior Stars nelifakwe umgadli waleliqembu uXolani Dlamini kwayiwa ekhefini kulingwana ngamaphuzu.
Emva kwekhefu omabili lamaqembu abekhombisa okukhulu ukuzimisela njengoba umdlali we Tigers waseswini uSanele Khumalo efake igoli kungalindele muntu.
“Badlale bona abafana kodwa ngisasho namanje maningi amathuba abawamoshile njengoba bekumele siwine lomdlalo ngamaphuzu aphezulu kunalawa.
“Inkinga ukuthi besibhekene nencindezi enkulu njengoba bekungumdlalo wethu wokuqala nanokuthi siphezulu kwelogi ngakho-ke wonke umntu ufuna ukusithula esicongweni bafuna ukusiphazamisa. Kumele sizimisele kakhulu” kusho uMbatha.
Umqeqeshi we Junior Stars uMzwandile Ndlela uthi iqembu lakhe lidlale kahle kodwa ukungabibikho kwabaxhasi beqembu ikhona okuqeda abadlali amandla.
“Besiqala ukuhlulwa ilokhu yaqala isizini ngakho kuzomele silungise amaphutha sibuyele esimeni esihle,” kusho uNdlela.