Ungakhohlwa ukuvotela indawo eyigugu kuwena
Umcintiswano we North Coast Big 5 usunamaviki ayisithupha kanti lokho kusho ukuthi sekusele kancane uvalwe.
Kube nemiphumela emihle kanti nabahamba phambili bebelokhu besintshashintsha njengoba siqoqa amavoti ngezindlela ezahlukahlukene okubalwa imiyalezo ngomakhalekhukwini, Facebook, ukuvota ezitolo kanye nohlelo lwe online.
ISugar Rush ne Enterprise Ilembe bathanda ukubonga bonke abavoti kanye namabhizinisi azibandakanye nalomcintiswano baphinde bawuqhakambisa kumakhasimende abo.
Sithemba ukuthi niyayibona imiphumela njengoba amavoti elokhu engena!
Emva kokukhanqaza esikhathini samaholidi, manje isikhathi sokuvungazela nokuzibandakanya kulomcintiswano.
Njengoba izivakashi seziqala ukuhlehlela emuva, sekuyithuba elihle lokuthi abakulendawo bavotele igugu labo eliymfivilithi kumkhandlu kamasipala weLembe – Nginesiqiniseko niyazi ngezindawo ezishisa ubhedu eziyimfihlo kulendawo yangakithi.
Sesibe nabathathu abaphumelele nasebekhethe lezo ndawo ezinhle kulesifunda. Ababili bathola i-voucher yokwenza izinzipho nokuphuza ikhofi eSage Café kanti owabanenhlanhla uthole i-voucher ka R500 yase Ballito Lifestyle Centre.
Kulamaviki azayo kuzoba nama voucher ase Absolute Pilates, eyase endaweni yokudlela i-Asia, eyase Holla Trails kanye nedina yababili eFairmont Zimbali. Nngabe akusona lesi isizathu sokuthi ungenele?
Sithanda ukuqhubeka ukugqugquzela wonke umuntu ukuthi avote ngokuthumela imiyalezo ngomakhalekhukwini, lawomavoti azohlungwa ohlakeni lomphakathi emcimbini osemthethweni oyoba ngenyanga ka Mashi nyakenye.
Ubuningi bamavoti, kucahza ukunyuka kwenani lemali ezowina inhlangano ezohamba phambili kwezomphakathi.
Okuhle kakhulu ukuthi uma uvota ngokuphindelela unyusa amathuba akho okuthi imklomelo engenhla ibe ngeyakho.
Ngakho ke woza, uzibandakanye ngokuvotela into oyithandayo eNorth Coast.
Ukunonga izinto kancane sicabange ukuthi sikunike isingeno semiphumela ehamba phambili kulamaviki ayisithupha kulomcintiswano. Iseyinde indlela esazohanjwa ngakho qinisekisa ukuthi uyaqhubeke nokuvota.
Ezokukwishiza – Sugar Bay
Ezobumnandi – Asia Restaurant& Pumkin Theatre
Ezokuvakasha-Fairmont Zimbali& La Montagne
Ezempilo nendlela yokuphila – Absolute Pilates& Fashion Lab
Ezomphakathi – Summer Hill House
Usalindeni? Uma indawo yakho eyikhethelo ingabalwanga kuloluhlaka oluphezulu noma ikhona kodwa ufuna ingagudluki, qinisekisa ukuthi uyavota.
Ukuze uvote vakashela www.sugarrush.co.za noma ekhasini lika Facebook yethu wwww.facebook.com\sweettasteofadventure noma uthumele umyalezo nge SMS nomi email kulezinombolo:
Ezokuvakasha – 35372
Ezokukhwishiza – 35374
Ezobumnandi – 35376
Ezempilo nendlela yokuphila – 35376
Ezomphakathi – 35377
Uma ufuna eminye imininingwane ngalo mcintiswano ungavakashela le website engenhla noma uthintane no Jess ku 076-656 7088.