Usemtholile umaqondana uDJ Mpilo waKwaDukuza

UDJ Mpilo ovela eGledhow, KwaDukuza nosezakhele udumo emadolobheni anjengo Thekwini, Richards Bay no Maritburg usemtholile afuna ukuba naye impilo yakhe yonke kodwa ukhathazekile ngabantu athi bafuna ukubahlukanisa.
UDJ Mpilo nowaqanjwa abazali bakhe njengo Celimpilo Nhleko wase Gledhow, KwaDukuza usemtholile umaqondana.
Leligeza lensizwa nelaziwa njengomuntu owaletha ezobumnandi kulelidolobha usethembisile nesinqandamathe sakhe uZesuliwe Zwane.
“Sihlangane ngonyaka odlule kanti ngikhethe ukumcela ukuthi sishade kuyolenyanga. Uyikho konke engikudingayo empilweni yami, ungumngani, umelulekile, isihlobo, konje okuhle nengikudingayo,” kusho uMpilo.
Lezithandani nesihlala ndawonye eNorthcliff eGoli zibhekene nenkinga enkulu njengoba kunabantu abafonela ingoduso ka DJ Mpilo beyitshela ukuthi akahlukane naye.
“Kunabantu abakhohlakele langaphandle ngalendlela yokuthi bafonela uZesuliwe bemtshele amanga ngami. Okuhle nje ukuthi mina naye siyazana futhi siyathanda ngakho lokhu abakwenza kuqinisa uthando lwethu. Empeleni isikhathi esiningi sihlala sihlale sizihleke nje izinto abazishoyo,.”
Uthi ngenxa yomsebenzi wakhe nomhambisa izwe lonke ngisho namazwe angaphandle abantu bazitshela ukuthi uyisoka kanti cha.
“Angisiye umuntu oxhamazelayo. Angikwazi ukuthandana nabantu abaningi ngesikhathi esisodwa futhi into engeke ngatshela abantu ukuthi bayenze ngoba kunezifo langaphandle,” kusho uMpilo.
Lo DJ nosebenza ngaphansi kwenkampani ka DJ Bongs ulungiselela ukukhipha icwecwe lakhe iMabalabala Vol 1 kulonyaka. Ukuzwa ukuthi udlala kanjani uDJ Mpilo enza isiqiniseko sokuya kwi J&B Met yalonyaka eKapa noma uzomfica e-Afro Fashion Lounge eThekwini eklwebha amapuleti.
“Kuyimanje ngimatasatasa ngizama ukulungisela uhambo lwami oluya eMiami kwinkomfa yomculo yomhlaba wonke inkinga nje isezimalini kodwa uJehova emuhle kuzolunga konke,” kusho uDJ Mpilo.
Uma uzimisele ngokusiza lensizwa yaKwaDukuza ekunyuseni iflegi lalelidolobha, lomkhandlu weLembe kanye nezwe lonke shayela kulenombolo 078-2276333.